UNgqongqoshe wezeMvelo nezokuVakasha wenze imithetho ebekwe kuleli sheduli ngokwesigaba 24 sifundwa nesigaba 44 soMthetho kaZwelonke wezokuPhathwa kweMvelo, 1998 (Umthetho No. 107 ka 1998).
a eSazisweni sikaHulumeni No. R. 386 no No. R.
Uma ngokuya kwale mithetho kumele kubalwe izinsuku ukusukela noma emva kosuku oluthile kulandela usuku oluthile kuze kufike ekugcineni kosuku lokugcina lwesikhathi, kodwa uma usuku lokugcina lwesikhathi lungoMgqibelo, iSonto noma iholidi, leso sikhathi kumele selulelwe ekupheleni kosuku olulandelayookungelona uMgqibelo, iSonto noma iholidi.
Inhloso yale mithetho ukuhambisa izinqubo nezindlela njengoba kuphawulwe eSahlukweni 5 soMthetho wokufakwa, ukuhanjiswa nezinqumo zezicelo zemvume yemisebenzi yezemvelo kanye nodaba oluphathelene nako.
Zonke izicelo ngokwale mithetho kumele zinqunywe yisiphathimandla esifanele.
Isiphathimandla esifanele okumele sibheke futhi senze isinqumo ngesicelo mayelana nomsebenzi othile kumele silawulwe ngokuhambisana neSaziso sikaHulumeni No. R. 386 no No. R. 387 ka 2006, kufaka phakathi nezinye izaziso ezinokukhishwa ngokwesigaba 24D somthetho.
Noma yikuphi ukushayisana noma ukungavumelani ngokuthi kumele kube yisiphi isiphathimandla esifanele ukuhambisana nanoma yisiphi isicelo esithile kumele kuxazululwe nguNgqongqoshe kanye nomphathi womnyango kahulumeni wesifunda waleso sifunda noma nguNgqongqoshe kanye nelungu likahulumeni elinikezelwe ukubhekana nalokho, okuyikhona okufanele.
Uma uNgqongqoshe kunguye isiphathimandla esifanele ngokwesicelo esithile, isicelo kumele sifakwe eMnyangweni wezeMvelo nezokuVakasha.
Uma umphathi womnyango kahulumeni wesifunda kunguye isiphathimandla esifanele, isicelo kumele sifakwe emnyangweni wesifunda obhekene nezemvelo kuleso sifunda.
Uma uNgqongqoshe noma umphathi womnyango kahulumeni enikeze noma yimaphi amandla noma imisebenzi yesiphathimandla esifanele ngokwesigaba 42 somthetho ngokuhambisana nomsebenzi ophawulwe esicelweni ubhekiswe elungwini lombuso, isicelo kumele sifakwe kulelo lungu lombuso elinikezwe amandla.
a singanikeza ofaka isicelo noma I-EAP ukufinyelela kunoma yimiphi imihlahlandlela nolwazi ngezinqubo ezisunguliwe noma nganoma yiluphi ulwazi oluphethwe yisiphathimandla esifanele esihambisana nesicelo ; noma b singeluleka ofaka isicelo noma I-EAP, ngokubhala noma ngokuxoxa, ngobunjalo nobungako bezinqubo okumele zilandelwe ukuze kuhanjisanwe nomThetho wale miThetho.
Lapho isicelo nganoma yimuphi umsebenziodinga imvume yezemvelo ngokwale mithetho kumele senziwe ngokweminye imithetho nokuthi eminye imithetho idinga ukuthi ulwazi kumele lungeniswe noma izinhlelo kumele zilandelwe ezifana ngokugcwele nolwazi noma izinhlelo ezidingekayo ngokwale mithetho, uNgqongqoshe noma umphathi womnyango kahulumeni wesifunda, ngokunikezela ngeSahluko 3 somthethosisekelo kanye nesigaba 24 (g) somthetho, kumele athathe izinyathelo zokwenza isivumelwano esibhaliwe nesiphathimandla esibhekene nokuphathwa komthetho ophathelene nokuhanjiswa kwezidingo zomgomo nale mithetho ukuze kugwemeke ukuphindaphindeka ekufakweni kwalolo lwazi noma ekwenziweni kwalezo zinhlelo.
Isiphathimandla esifanele kumele sithole lonke ulwazi olufanele noma olungaba nethonya kunoma yisiphi isinqumo mayelana nesicelo.
Ngaphandle uma lolo lwazi luvikelwe ngumthetho, ofaka isicelo noma I-EAP noma omunye umuntu ophethe lolo lwazi, ngokucelwa yisiphathimandla esifanele, aveze lolo lwazi kusiphathimandla esifanele, nakuba lolo lwazi lubeka ofaka isicelo ethubeni elihle noma elibi.
viii noma yikuphi ukuphawula okuvela kwilungu lombuso elinamandla omkhawulo womthetho engxenyeni ethile yomsebenzi okuyisihloko sesicelo; kanye ix nanoma yimiphi imihlahlandlela ehambisana nesicelo.
Isiphathimandla esifanele kumele sizame ukuhlangabezana nezikhathi ezibekelwe iziphathimandla ezifanele ngokwale mithetho.
Uma isiphathimandla esifanele kuyilungu lombuso eliphethe ngamandla eligunyazwe ngawo kanye nemisebenzi ngokwesigaba 42 noma 42A somthetho nokuthi lelo lungu lombuso alikwazi ukuhlangabezana nezikhathi ezibekwe ngokuphawula kwale mithetho, lelo lunga lombuso elinikwe amandla kumele lazise uNgqongqoshe noma umphathi womnyango kahulumeni wesifunda.
b sinikeze ofake isicelo izizathu zesinqumo; kanye c nokuthi sasize ofake isicelo ngephuzu lokuthi kungafakwa isicelo sokudluliselwa kwesinqumo ngokweSahluko 7 sale mithetho, uma ngabe leso sicelo sokudluliselwa isinqumo sikhona ngokwesimo sesinqumo leso.
i ngesinqumo sesicelo; kanye ii nangezizathu zesinqumo; kanye b abazise ngephuzu lokuthi isinqumo esithethwe singadluliselwa phambili ngokweSahluko 7 sale mithetho, uma ngabe leso sicelo sokudluliselwa isinqumo sikhona ngokwesimo sesinqumo leso.
a sigcine uhlu lwazo zonke izicelo ezitholwe yisiphathimandla esifanele ngokwale mithetho; kanye b sibhale phansi zonke izinqumo ngokuya ngokwezimvume zezemvelo.
Isiphathimandla esifanele asitheswa cala lanoma yiziphi izindleko ofake isicelo angene kuzo ngokuhambisana nale mithetho.
Isicelo semvume yezemvelo somsebenzi kumele senziwe kusiphathimandla esifanele okubhekiswe kuso emthethweni 3.
i nemvume ebhalwe phansi okubhekiswe kuyo emthethweni 161 noma ubufakazi bokuthi umthetho 163 ulandelwe, uma ofaka isicelo kungeyena umnini wendawo lapho umsebenzi kumele wenziwe khona; kanye ii nemali yesicelo ebekiwe, uma ikhona.
b sihambisana nanoma yimiphi imibiko, eminye imiqulu kanye nezimali ezidingekayo ngokwale mithetho; kanye c nokuqaphela noma yimiphi imihlahlandlela esebenza ekufakweni kwezicelo.
a sivume ukuba sisitholile isicelo, uma isicelo sihamba ngendlela efanele, noma b senqabe isicelo, uma singahambi ngendlela efanele.
I-EAP ephethe isinqumo esinqantshiwe ngokomtheshwana singalungisa leso sicelo bese sisifaka futhi kusiphathimandla esifanele.
Umtheshwana no usebenza ngokusha esicelweni esilungisiwe safakwa kusiphathimandla esifanele ngokomtheshwana.
Uma ofaka isicelo ehlose ukwenza imisebenzi emibili noma ngaphezulu njengengxenye yomsebenzi ofanayo, kumele kufakwe ifomu lesicelo elilodwa layo yonke leyo misebenzi.
Uma ofaka isicelo ehlose ukwenza umsebenzi ongaphezulu kowodwa wohlobo olufanayo ezindaweni ezahlukahlukene, kumele kufakwe izicelo ezahlukene ezindaweni ezahlukene esifundeni esisodwa, kodwa isiphathimandla esifanele singanikeza imvume ngenxa yesicelo esibhalwe phansi esenziwe ngofake isicelo, yokuba kufakwe isicelo esisodwa sayo yonke leyo misebenzi, nanoma ngabe isicelo sifakwe efomini lesicelo elilodwa noma kumafomu amaningi.
Uma isiphathimadla esifanele sinikeza imvume ngokomtheshwana 2, isicelo kumele kubhekanwe naso njengohlelo oluhlanganisiwe ngokwayo yonke imisebenzi egcwaliswa yisicelo, kodwa okungaba ngumthelela wezemvelo komsebenzi ngamunye kumele kubhekwe ngokwendawo lapho umsebenzi uzokwenziwa khona.
Uma ofaka isicelo kungeyena umnini womhlaba okumele kwenziwe kuwo umsebenzi, ofaka isicelo kumele, ngaphansi kokufaka isicelo semvume yokwenza lowo msebenzi, athole imvume ebhalwe phansi kulowo ongumnini womhlaba evumela ukuba enze umsebenzi ohlongozwayo kulowo mhlaba.
Imvume ebhalwe phansi ephawulwe kumtheshwana 1 kumele ibe sefomini elivunyiwe noma elinqunywe yisiphathimandla esifanele.
Umtheshwana 1 awusebenzi emsebenzini olandelanayo, ngaphandle uma ofaka isicelo anikeze isaziso sommsebenzi ohlongozwayo kubanini bomhlaba okuzokwenziwa kuyo umsebenzi emva kokuba sekukhonjwe indawo ehlongozwayo noma ezinye izindawo ezikhonjiwe.
Ngaphambi kokufaka isicelo kwezemvelo sokwenza umsebenzi, ofaka isicelo kumele aqoke I-EAP ngezindleko zakhe ukuze azophatha isicelo sakhe.
a sithathe zonke izinyathelo ezizwakalayo ukuqinisekisa ukuthi ingabe I-EAP ezokhethwa iyahambisana yini nomthetho 18a no b; nokuthi b anikeze I-EAP lonke ulwazi olukuye mayelana nesicelo, noma ngabe lolo lwazi lubeka ofaka isicelo ethubeni elihle noma qha.
i kunoma yisiphi isinqumo esizothathwa yisiphathimandla esifanele mayelana nesicelo ngokwale Mithetho; noma ii ekungachemini kwanoma yimuphi umbiko, uhlelo noma umqulu okumele ulungiswe yi-EAP ngokwale Mithetho ukuze unikezwe isiphathimandla esifanele.
a sazise I-EAP ngezizathu zenkolelo yaso; sibuye b sinikeze I-EAP ithuba lokwenza isethuklo ngalokho kusiphathimandla esifanele mayelana nokuzimela kwayo, ngokubhala phansi.
i singaphinda sense izingxenye ezithile esezenziwe yi-EAP yangaphambili mayelana nesicelo; futhi ii siqedele noma yimuphi umsebenzi ongaqedelwanga mayelana nesicelo; noma d sicele ofake isicelo ukuba athathe izinyathelo ezinjalo njengoba kudinga isiphathimandla esifanele ukuze kulungiswe umthelela wokungabi nokuzimela kwe-EAP esicelweni.
Uma isicelo sesifike ezingeni lapho sekuvulwe uhlu lwabanentshisekelo nabathintekayo ngokwemithetho 57, ofaka isicelo kumele azise bonke abanentshisekelo nabathintekayo ngazo zonke izinqumo ezithethwe yisiphathimandla esifanele ngokomtheshwana 2.
a noma yimiphi imihlahlandlela esebenza emsebenzini ohlongozwe esicelweni; kanye b nanoma yiziphi izeluleko ezinikezwe yisiphathimandla esifanele ngokomthetho 5 b.
a Ingxenye 2 yalesi Sahluko uma kumele kusetshenziswe uhlolo ngqangi esicelweni; noma b Ingxenye 3 yalesi Sahluko uma kumele kusetshenziswe ububanzi esicelweni.
soMthetho okhomba eminye imisebenzi okudingeka kuyo imvume yezemvelo futhi ebeka ukuthi inqubo echazwe engxenyeni 2 yalesi Sahluko okumele isebenze ezicelweni zemvume yezemvelo mayelana naleyo misebenzi.
b imvume inikeziwe ngokomtheshwana 3 wobubanzi kunowohlolo ngqangi kumele isetshenziswe esicelweni; noma c isicelo singesemisebenzi emibili noma ngaphezulu njengengxenye yomsebenzi owodwa owenziwayo kanti kumele kusetshenziswe ububanzi ngokwendima a noma b mayelana nanoma yimiphi imisebenzi.
Uma ofaka isicelo efuna ukwenza umsebenzi okumele wenzelwe isicelo sohlolo ngqangi ngokomtheshwana 1 lowo ofaka isicelo, ngokwelulekwa yi-EAP ephethe isicelo, ecabanga ukuthi isiphathimandla esifanele asisoze sakwazi ukufinyelela esinumweni ngenxa yolwazi olunikezwe embikweni wohlolo ngqangi, ofaka isicelo, ngokuba abhale phansi, enze isicelo kusiphathimandla esifanele semvume yokusebenzisa ububanzi kunohlolo ngqangi esicelweni.
e ilungise umbiko wohlolo ngqangi ngokuhambisana nomthetho 23; ibuye f inikeze bonke abanentshisekelo nabathintekayo ithuba lokuphawula ngombiko wohlolo ngqangi ngokulandela umthetho 58.
I-EAP ephethe isicelo okusebenza kuyo le Ngxenye kumele ilungise umbiko wohlolo ngqangi ngendlela eshicilelwe, noma etholakala kusiphathimandla esifanele.
j noma yikuphi ukusizaokwenziwe ungoti ngendlela ekudingeka ngayo; kanye k nanoma yimuphi umsebenzi odingwa yisiphathimandla esifanele.
a noma yimiphi imihlahlandlela efanele; kanye b nanoma yiziphi izinqubo ezisungulwe yisiphathimandla esifanele ngokohlobo lomsebenzi okuwumongo womsebenzi.
v ukwenekwa kwezifiso yi-EAP efomini elinikezwe yisiphathimandla esifanele; kanye vi nemali ebekiwe, uma ikhona, nanoma yimiphi imiqulu okubhekiswe kuyo emthethweni 132b.
Isiphathimandla esifanele kumele sivume ukuthola isicelo ngaphambi kwezinsuku ezingama-30 ngokomthetho 14 (a), sivume isicelo kanye nombiko wohlolongqangi.
c ukwenza isiphakamiso, ukwamukela noma ukuphawula ngokunye okunokwenzeka nokuzwakalayo; noma d ukubhekisa isicelo ebubanzini nasohlolweni lomthelela wemvelo.
a ungahambisani nomthetho 23 ngokubhalwa kwawo; noma b uncike ohlelweni lokubamba iqhaza komphakathi olunganele.
b Ukuphawula okwenziwa ngabanetshisekelo nabathintekayo ngokombiko wohlolongqangi ochitshiyelwe, kumele uhlanganiswe nombiko, kodwa I-EAP akumele yenze ezinye izinguquko ekuphenduleni loko kuphawula.
Ekutholeni noma yiluphi ulwazi, imibiko, iphakamiso noma ukuphawula okucelwe ngokomtheshwana 2a, b noma c noma yimuphi umbiko wohlolongqangi ofakwe ngokomtheshwana 4, isiphathimandla esifanele kumele siphinde sibheke isicelo.
a sinikeze imvume ngokwayo yonke noma ingxenye yomsebenziofakelwe isicelo; noma b senqabe ngemvume ngokwayo yonke noma ingxenye yomsebenzi.
Ngokuthi imvume inikezelwe ngokunye kangakanani, lokho okunye kumele ngokwezinhloso zomtheshwana 1 kuthathwe njengokufakelwe isicelo.
Ekufinyeleleni esinqumweni, isiphathimandla esifanele kumele sihambisane nomthetho 101.
i nokudalula okufunwayo yi-EAP efomini elinikezwe yisiphathimandla esifanele; kanye ii nemali ebekiwe, uma ikhona kanye nanoma yimiphi imiqulu okubhekiswe kuyo emthethweni 132b.
f ilungise umbiko wobubanzi nokuhambisana nomthetho 29; kanye g nokunikeza bonke abanentshisekelo nabathintekayo ithuba lokuphawula ngombiko wobubanzi ngokuhambisana nomthetho 58.
j nanoma yiluphi ulwazi oludingwa yisiphathimandla esifanele.
Ngaphezulu kwalokhu, umbiko wobubanzi kumele ubhekele noma yimiphi imihlahlandlela esebenza ohlotsheni lomsebenzi okubhekiswe kuwo esicelweni.
Ekutholeni umbiko wobubanzi ochitshiyelwe noma uhlelo lwesifundo sohlolo lomthelela wemvelo, isiphathimandla esifanele kumele siphinde sibheke umbiko wobubanzi wohlolo lomthelela wemvelo ngokulandela umtheshwana 1.
Uma isiphathimandla esifanele semukela umbiko wobubanzi bese seluleka I-EAP ngokomthetho 31 (a) ukuba iqhubeke nemisebenzi ebalwe ohlelweni lwesifundo sohlolo lomthelela wemvelo, I-EAP kumele iqhubeke naleyo misebenzi, kufaka phakathi uhlelo lokubamba iqhaza komphakathi kuhlolo lomthelela wemvelo okubhekiswe kulo emthethweni 29 (i)(iv) bese ilungisa umbiko wohlolo lomthelela wemvelo mayelana nomsebenzi ohlongozwayo.
p amakhophi ayo yonke imibiko eyisipesheli kanye nemibiko ngezinhlelo eziyisipesheli ehambisana nomthetho 33; kanye q nanoma yiluphi ulwazi oluqondile olungadingwa yisiphathimandla esifanele.
Ofaka isicelo noma I-EAP ephethe isicelo ingakhetha umuntu ozimele ukuba enze isifundo esiyisipesheli noma uhlelo oluyisipesheli.
i iqoqo namakhophi ako konke ukuphawula okwatholakala ngesikhathi sokuxhumana; kanye j nalo lonke ulwazi olucelwe yisiphathimandla esifanele.
ukulungiswa kwemvelo; kanye v nokuvalwa, lapho kufanele khona.
nezindlela ezihlongoziwe zokuqapha ukulandelwa kohlelo lokuphathwa kwemvelo kanye nokubika ngalokho.
c siceke ofake isicelo ukuba enze lezo zichibiyelo embikweni njengoba kudingwa yisiphathimandla esifanele ukuze umbiko wohlolo lomthelela wemvelo umukelwe; noma d senqabe umbiko uma ungahambisani ngokugcwele nomthetho 322.
b Ekutholeni umbiko ochitshiyelwe, isiphathimandla esifanele kumele siphinde sibheke umbiko ngokuhambisana nomtheshwana 1.
a sinikeze imvume ngokwazo zonke noma ingxenye yomsebenzi ofakelwe izicelo; noma b senqabe ngokwazo zonke noma ingxenye yomsebenzi.
Ngokufinyelela ezingeni lapho imvume inikezelwe ngokunye, lokho okunye kumele kuthathwe njengokuthi kufakelwe isicelo ngenhloso yomtheshwana 1.
Ngokufinyelela esinqumweni, isiphathimandla esifanele kumele sihambisane nomthetho 101.
Uma isiphathimandla esifanele sinquma ukunikeza imvume, isiphathimandla leso kumele sikhiphe imvume yezemvelo ehambisana nomthetho 38 iye futhi ikhishwe egameni lalowo ofake isicelo.
Uma ngokwesicelo okubhekiswe kuso emthethweni 15, isiphathimandla esifanele sinquma ukunikeza imvume ngomsebenzi ongaphezulu kowodwa, isiphathimandla leso singanikeza imvume eyodwa yezemvelo efaka phakathi yonke imisebenzi imvume enikezelwe yona.
c ingadinga ophethe imvume ukuba anikeze isiphathimandla esifanele ngemibiko omphenyimabhuku wezemvelo ngemithelela yomsebenzi ovunyelwe emvelweni, ngesikhathi ezidaluliwe noma ngezikhewu ezithile noma uma icelwa yisiphathimandla esifanele; nokuthi d ingafaka phakathi ezinye izimo isiphathimandla esifanele ezizibona zifanele ukuze kuvikeleke imvelo.
Isiphathimandla esifanele okubhekiswe kuso emthethweni 3 esikhiphe imvume yezemvelosinomkhawulo wamandla omthethokuzo zonke izindaba ezithinta ukuchitshiyelwa noma ukuhoxiswa kwaleyo mvume.
ngokufuna kwesiphathimandla esifanele ngokuhambisana neNgxenye 2 yalesi Sahluko.
ngokulungisa iphutha lobuchwepheshe noma lokushicilela.
Imvume yezemvelo ingahoxiswa yisiphathimandla esifanele ngokuhambisana neNgxenye 3 yalesi Sahluko.
Ophethe imvume yezemvelo ngesinye nesinye isikhathi angacela kusiphathimandla esifanele ukuba kuchitshiyelwe imvume.
a sibe sefomini lesicelo elisemthethweni elishicilelwe noma elitholakala kusiphathimandla esifanele; futhi b sihambisane nemali ebekiwe, uma ikhona.
Isiphathimandla esifanele kumele, ngaphambi kwezinsuku eziyi-14 zokutholwa kwesicelo, sivume ukuthi sisitholile isicelo, ngokubhala phansi.
a kumele sibheke ukuthi ingabe ukuvunyelwa kwesicelo ingabe kuzoba nomthelela ongemuhle emvelweni noma kumalungelo abanye abanentshisekelo; futhi b singacela ofake isicelo ngaleyo nhloso ukuba asinike ulwazi olwengeziwe.
a isicelo singesokuchibiyela okungekhona okuningi kwimvume yezemvelo; noma b imvelo noma amalungelo alabo abanentshisekelo bengasoze bathinteka ngendlela engeyinhle.
sicele ofake isicelo ngokweSahluko 3 sale mithetho njengokuthi kwenziwa isicelo esisha semvume yezemvelo.
Ekufinyeleleni esinqumweni sokuthi ingabe imvume iyanikezwa noma qha, isiphathimandla kumele sihambisane nomthetho 10.
ukuhlangabezana nezidingo ezilethwe umthelela esimweni sezenhlalo nezomnotho noma futhi uma lokho kusekuthandeni komphakathi ukuhlangabezana nalezo zimfuno.
uma kunesidingo, senze uhlelo lokubamba iqhaza komphakathi njengoba kubhekiwswe emthethweni 56 noma yinoma yikuphi ukubamba iqhaza komphakathi okufanele esimweni ukuze kulethwe emehlweni abanentshisekelo nabathintekayo ukuchibiyela okuhlongozwayo, kufaka phakathiamalungu ombuso anamandla omkhawulo womthetho mayelana nanoma iyiphi ingxenye yomsebenzi ofanele.
a kulabo abangaba nentshisekelo nabathintekayo lokufaka izethulo ezibhaliwe kusiphathimandla ngokuchibiyela okuhlongozwayo; kanye b nakulowo ophethe imvume yezemvelo ukuba aphawule nganoma yisiphi isethulo esitholakele ngokwendima a ngokubhala.
Umtheshwana 1c no 2 akudingekile ukuba kuhlangatshezanwe nayo uma ngabe isichibiyelo esihlongozwayo singeyona indlela enaba kakhulu.
Ekufinyeleleni esinqumweni sokuthi ingabe kuchitshiyelwe imvume yezemvelo noma qha, isiphathimandla kumele sazise ophethe imvume ngaleso sinqumo.
b silethe olwazini lphethe imvume iphuzu lokuthi kungafakwa isicelo sokudlulisela isinqumo ngokweSahluko 7 sale mithetho, uma leso sicelo sokudlulisela sitholakala esimweni sesinqumo; sibuye futhi c sinikezele imvume yezemvelo echitshiyelwe kulowo ophethe imvume.
kungaqhutshekwa nomsebenzi ngokugcwele noma isikhathi esingaziwa.
senze nanoma yiluphi uhlelo lokubandakanya umphakathi olufanele ukuletha olwazini lwabanentshisekelo nabathintekayo ukuhoxisa okuhlongozwayo, kufaka phakathi amalungu ombuso anamandla omkhawulo womthetho anoma iyiphi ingxenye yomsebenzi ofanele, uma indawo, amalungelo noma izifiso zabanye zingathelelwa ngokungekuhle yilokhu kuhoxiswa.
a kulabo abanentshisekelo nabathintekayo ukuba banikeze isiphathimandla izethuo ezibhaliwe ngkuhoxiswa okuhlongozwayo; nokuthi b kophethe imvume yezemvelo ukuphawula nganoma yiziphi izethulo ezitholakele ngokwendima a.
a kunezizathu eziwakalayo zokukholwa ukuthi ukwephulwa noma ukungahambisani nesimo semvume kudala ingozi emvelweni; nokuthi b ukumiswa kwemvume kudingeka ukuvimbela ingozi noma okungaqhubeka kube yingozi kwimvelo.
Umthetho 481b, c no 2 ungalandelwa ngaphambili noma emva kokumiswa.
Ekufinyeleleni esinqumweni sokuhoxisa noma ukungahoxisi imvume yezemvelo, isiphathimandla kumele sazise ophethe imvume ngesinqumo ngokuba abhale phansi.
a sinikeze umphathi wemvume izizathu zesinqumo; sibuye b silethe olwazini lophethe imvume iphuzu lokuthi kungadlulisela isinqumo ngokweSahluko 7 sale mithetho, uma lokho kudluliselwa kwesinqumo kukhona esimweni saleso sinqumo.
Ukuhlinzekelwa kwale Ngxenye akuphazamisi ukubakwa kwezinqubo zobugebengu ezibhekiswe kophethe imvume yezemvelo ngokwesigaba 24F2 somthetho.
Noma yimuphi umuntu okusebenza kuye ukuhlinzekelwa kwale mithetho angfaka isicelo sokukhishwa ngokomthetho kulokho kuhlinzekelwa mayelana nomsebenzi othile kusiphathimandla esifanele okubhekiswe kukho kumthetho 3 okufunwa kuso isiphathimandla ukukhishwa ngokomthetho mayelana nomsebenzi.
Umuntu angakhishwa ngokomthetho ekuhlinzekelweni kwale mithetho edinga noma ehambisa uhlelo lokubandakanywa komphakathi, kuphela uma amalungelo nokufunwa ngabanentshisekelo nabanye angeke athinteke ngokungekuhle wukukhishwa ngokomthetho ngokwenza uhlelo lokubandakanya umphakathi.
b nayo yonke imiqulu esesekelayo; kanye c nemali ebekiwe, uma ikhona.
Isiphathimandla kumele, ngaphambi kwezinsuku eziyi-14 zokutholwa kwesicelo, ivume ukuthola isicelo ngokubhala phansi.
a kumele sibheke ukuthi ingabe ukuvunyelwa kwesicelo ingabe kuzoba nomthelela ongemuhle emvelweni noma kumalungelo abanye abanentshisekelo; futhi b singacela ofake isicelo ngaleyo nhloso ukuba asinike ulwazi olwengeziwe.
Ngaphezulu kokuhambisana nomtheshwana 1, isiphathimandla singaluleka ofake isicelo nganoma yiluphi udaba olungaphazamisa impumelelo yesicelo.
Isiphathimandla kumele sinqume ngokushesha ngesicelo uma amalungelo noma okufunwa ngabanye abathintekayo ngukeze kwatheinteka ukukhishwa ngokomthetho okuhlongozwayo.
b ukuvula nokugcina uhlu lwabo bonke abanentshisekelo nabathintekayo mayelana nesicelo ngokuhambisana nomthetho 57; kanye c nokungenisa kusiphathimandla noma imiphi imibiko evela kulabo abanentshisekelo nabathintekayoto kulandela lolo hlelo lokubandakanya umphakathi.
i ngomphumela wesinqumo; kanye ii nangezizathu zesinqumo; sibuye e sicele ofake isicelo silethe olwazini lwabanokuthinteka noma abanentshisekelo nabathintekayo, okungaba yikho, iphuzu lokhu isinqumo singadluliselwa phambili ngokweSahluko sale mithetho, uma lokho kudluliselwa kwesinqumo kukhona esimweni saleso sinqumo.
nesikhathi esinikezelwe ukukhishwa ngokomthetho, uma ukukhishwa ngokomthetho kunikezwe isikhathi.
a ngaso sonke isikhathi singabuyekeza yinoma yikuphi ukukhishwa ngokomthetho okukhishwe ngokomthetho 54; sibuye b ngokukahle, sihoxise noma sichibiyele isaziso sokukhishwa ngokomthetho, ngokubha senze isaziso esibhaliwe sisibhekise kulowo onikezwe ukukhishwa ngokomthetho.
Isiphathimandla kumele ngaphambi kokuhoxisa noma ukuchibiyela isaziso sokuhoxisa noma sokukhishwa ngokomthetho sinikeze lowo onikezwe ukuhoxiswa ngokomthetho ithuba lokuphawula ngezizathu zokuhoxiswa noma zokucitshiyelwa ngokuba sibhale phansi.
Lo mthetho usebenza kuphela uma kudingeka kuphela ngokwale mithetho.
i ephephandabeni lendawo elilodwa; noma ii nanoma yimuphi uSomqulu osemthethweni oshicilelelwe kuphela izinhloso zokunikeza izaziso zomphakathi ngezicelo noma okunye okungeniswayo ngokwale mithetho; kanye d nokubeka isikhangiso okungenani ephephandabeni elilodwa lesifunda noma ephephandabeni likazwelonke, uma umsebenzi unomthelela noma ungaba nomthelela ngale kwemingcele kamasipala omkhulu noma umasipala wendawo lapho ozokwenziwa khona: Kuphela uma le ndima kungadingeki ukuba kuhlangatshezanwe nayo kusikhangiso esikhishwe kuSomqulu osemthethweni okubhekiswe kuwo kumtheshwana (c)(ii).
lapho kungatholakala khona olunye ulwazi ngesicelo noma ngomsebenzi; kanye v nendlela kanye nomuntu okungenziwa kuye izethulo mayelana nesicelo.
a nobukhulu okungenani obungu 60cm kuphindaphindwa ngo 42cm; futhi b ikhombise ulwazi oludingekayo ngezinhlamvu nangendlela ezonqunywa yisiphathimandla.
Uma isicelo simayelana nomsebenzi olandelanayo noma wasolwandle futhi sihambisana ncamashi nomtheshwana 2 kungafanele, umuntu owenza uhlelo lokubandakanya umphakathi angagudluka kuzidingozalowo mtheshwana ngendlela ethile nangendlela enokuvunywa yisiphathimandla.
a ulwazi oluqukethe wonke amaphuzu afanele mayelana nesicelo luyatholakala kulabo abanentshisekelo nabathintekayo; nokuthi b ukubamba iqhaza kwabanentshisekelo nabathintekayo kuhanjiswa ngendlela yokuthi bonke abanentshisekelo nabathintekayo banikezwa isikhathi esanele ukuphawula ngesicelo.
b abo bonke abantu, emva kokuphela kohlelo lokubandakanya umphakathi okubhekisw kubo endimeni a, sebecele ofake isicelo noma i-EAP ephethe isicelo, ngokubhala phansi, ukuba amagama abo afakwe ohlwini; nokuthi c wonke amalungu ombuso anamandla omkhawulo womthetho mayelana nomsebenzi isicelo esibhekise kuwo.
Ofaka isicelo noma i-EAP ephethe isicelo kumele enze kufinyeleleke ohlwini kuwo wonke umuntu ofaka isicelo sokuthola uhlu ngokubhala phansi.
b ikhophi yokuphawula iqondiswe kusiphathimandla inikezwa ofaka isicelo noma i-EAP; nokuthi c onentshisekelo nothintekayo uveza ngqo isifiso sebhizinisi, ezezimali, okuphathelene naye uqobo noma ezinye izifiso angaba nazo ekufunyweni noma ekwenqatshweni kwesicelo.
Ngaphambi kokuba i-EAP ephethe isicelo semvume yezemvelo ifake umbiko ohlelwe ngokwale mithetho, i-EAP kumele yenze kufinyeleleke kulabo abanentshisekelo nabathintekayo, kanye nethuba lokuphawula embikweni ngokubhala phansi.
f imibiko yohlolo lomthelela wemvelo efakwe ngokomgomo 32; kanye g nohlaka olungakapheleli lohlelo lokuphathwa kwemvelo oluhlelwe ngokomthetho 34.
Noma yikuphi ukuphawula okutholwe yi-EAP kwababhalisile abanentshisekelo nabathintekayo kumele kuhambisane nombiko ngenkathi unikezwa isiphathimandla.
onentshisekelo nothintekayo obhalisiwe angaphawula kunoma yimuphi umbiko wokugcina ofakwe ongungoti ekubuyekezeni ngenhloso yale mithetho lapho umbiko uqukethe ulwazi olunzulu olungadalulwanga ngaphambili konentshisekelo nothintekayo.
I-EAP ephethe isicelo semvume yezemvelo kumele iqinisekise ukuthi ukuphawula kwabanentshisekelo nabathintekayo ifakwa emibikweni enikezwa isiphathimandla ngokwale mithetho: Ngaphandle uma yinoma yikuphi ukuphawula okwenziwa abanentshisekelo nabathintekayo embikweni enikezwe isiphathimandla inokuhlanganiswa nombiko ngaphandle kokubhala loko kuphawula embikweni uqobo lwawo.
a ezingokwesicelo esidluliselwe kuNgqongqoshe noma umphathi womnyango kahulumeni wesifunda ngokwesigaba 43 1, 2 noma 3 somthetho; nokuthi b zathathwa ilungu lombuso esisebenza ngaphansi kwesithunywa ngokwesigaba 42 noma 42A somthetho ekusetshenzisweni kwamandla noma umsebenzi onikezwe ngumthetho noma le mithetho kusiphathimandla esifanele.
Akunasicelo esidlulisiwe salesi Sahluko esiphambana nezinqumo ezithethwe nguNgqongqoshe noma umphathi womnyango kahulumeni wesifunda ngokwabo ngokwezikhundla zabo njengesiphathimandla esifanele emsebenzini ohambisana nesinqumo esithethwe.
b umphathi womnyango kahulumeni wesifunda, uma umphathi lowo eyisiphathimandla somsebenzi omayelana nesinqumo esathathwa noma c ilungu lombuso lithunyiwe, uma kufanele.
Umuntu ophazanyiswe yisinqumo okubhekiswe kuso emthethweni 60 ofisa ukwedlulisa isinqumo, kumele enze isaziso sesifiso sokudlulisa isinqumo kuNgqongqoshe, Umphathi womnyango kahulumeni wesifunda, noma ilungu lombuso elithunyiwe, noma yikuphi kulokhu, ngaphambi kwezinsuku eziyi-10 ngemuva kokuba lowo muntu asazisiwe ngesinqumo ngokwale mithetho.
a ikhophi yesaziso okubhekiswe kuyo kumtheshwana 1; kanye b nesaziso esibeka ukuthi isicelo esidluliswayo sizotholakala ukuba sihlolwe yilowo muntu noma ilungu lombuso kuphi futhi ngayiphi inhloso.
a ikhophi yesaziso okubhekiswe kuso kumtheshwana 1; kanye b nesaziso esikhomba ukuthi ukufakwa kwesicelo esidluliswayo kuzotholwa ngofaka isicelo kuphi futhi sasiphi isikhathi.
uNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda noma ilungu lombuso elithunyiwe, lingandisa isikhathi okumele kufakwe ngaso isaziso sokudlulisela isinqumo, okungaba yikho, lokhu kwenziwe ngokubhala phansi.
b kumphathi womnyango kahulumeni wesifunda kumele sifakwe emnyangweni wesifunda obhekene nezindaba zezemvelo esifundeni esifanele noma c elungwini lombuso elithunyiwe, uma kufanele, kumele sifakwe kulelo lungu lombuso elithunyiwe.
isitatimende sivela kodlulisayo sokuthi umthetho 62 noma ulandelwe kanye namakhophi ezaziso okubhekiswe kuwo kulowo mthetho; kanye iv nemali ebekiwe, uma ikhona.
Uma kufakwa isidluliselo, odlulisayo kumele abheke nanoma yimiphi imihlahlandlela esebenza esidlulisweni.
Isidluliselo kumele sifakwe emnyangweni ofanele ngaphambi kwezinsuku ezingama-30 okukhishwa kwesaziso senhloso yokudlulisela okubhekiswe kuyo emthethweni 62.
uNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda noma ilungu lombuso elithunyiwe, okungaba yikho, ngesizathu esihle, lingandisa isikhathi okumele kufakwe ngaso isaziso sokudlulisela isinqumo, okungaba yikho, lokhu kwenziwe ngokubhala phansi.
Umuntu noma ilungu lombuso elithola isaziso ngokomthetho 62 , noma ofake isicelo othola isaziso ngokomthetho 62 , angafakwa kuNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda noma ilungu lombuso elithunyiwe, okungaba yikho, isitatimende esiphendulayo ngaphambi kwezinsuku ezingama-30 ukusukela ngosuku okwatholakala ngalo isidluliselo esifakiwe ukuze sibhekwe ngokwaleso sigaba.
a Umuntu, ilungu lombuso noma ofaka isicelo ofaka isitatimende esiphendulayo ngokomtheshwana 1, lapha obizwa ngophendulayo, kumele anikeze ikhophi yesitatimende kulowo odlulisayo.
b Uma ophendulayo ethula yinoma yiluphi ulwazi olusha okungadingidangwa ngalo esidlulisweni sodlulisile, odlulisayo unelungelo lokufaka isitatimende esiphendula lolo lwazi olusha kuNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda noma ilungu lombuso elithunyiwe, lokho okukhona, ngaphambi kwezinsuku ezingama-30 zokutholwa kwesitatimende esiphendulayo.
c Odlulisayo kumele anikezele ngekhophi lesitatimende esiphundulayo kulowo ophendulayo owethule ulwazi olusha.
uNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda, noma ilungu lombuso elithunyiwe, lokho okukhona, ngesizathu esihle, lingandisa isikhathi sokufaka izitatimende zokuphendula ngokomtheshwana 1 noma isitatimende esiphendulayo sodlulisayo ngokomtheshwana 2b zifakwe.
Ukutholwa nguNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda noma ilungu lombuso elithunyiwe, lokho okukhona, ngesidluliselo, isitatimende esiphendulayo noma esinikeza impendulo kumele kuvunywe ngaphambi kwezinsuku eziyi-10 zokutholwa kwesidluliselo, isitatimende esiphendulayo noma esinika impendulo.
a ngomzila ngokwesigaba 437 somthetho, uma uNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda noma ilungu lombuso elithunyiwe, lokho okukhona, likhipha inkomba enjalo; kanye b nangokukhethwa kwesigungu sesidluliselo ngokwesigaba 435 somthetho, uma uNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda noma ilungu lombuso elithunyiwe, lokho okukhona, bekhetha isigungu sesidluliselo ngenhloso yesedluliselo leso.
UNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda noma ilungu lombuso elithunyiwe, lokho okukhona, bangacela odlulisayo noma ophendulayo ukuba lolo lwazi olwengeziwe mayelana nesidluliselo njengoba kufuna uNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda.
a nodaba olumayelana nezincomo kumele zenziwe yisigungu; kanye b nesikhathi okumele kungeniswe ngaso lezo zincomo kuNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda noma kwilungu lombuso elithunyiwe.
Ilungu lesigungu sokudluliselwa kwesinqumo kumele libe ngelizimele.
Uma isigungu okudluliselwa kuso sethula ulwazi olusha olungadingidwanga ekufakweni kwesidluliselo salowo odlulisayo noma esitatimendeni sophendulayo, bobabili odlulisayo nophendulayo ngamunye unelungelo lokungenisa kusigungu, ngaphambi kwesikhathi esibekwe yisigungu, noma yiziphi izitatimende eziphika noma ezeseka lolo lwazi olusha.
Isigungu sezidluliselo kumele sifake izincomo zaso kuNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda noma ilungu lombuso elithunyiwe, lokho okukhona, ngokubhala phansi.
Uma uNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda noma ilungu lombuso elithunyiwe, lokho okukhona, befinyelele esinqumweni sokugcina ngesidluliselo, odlulisayo nophendulayo ngamunye kumele baziswe ngesinqumo kanye nangokugodlwa noma ukuchithwa kwesinqumo esidlulisiwe nokuba babhale phansi.
Izizathu zesinqumo kumele ngesiceloe esibhaliwe sodlulisayo noma sophendulayo banikezwe ngokubhalelwa.
a uNgqongqoshe, umphathi womnyango kahulumeni wesifunda ngokuvuma kukaNgqongqoshe ekusunguleni ukuqoqwa kolwazi namabalazwe okubhekiswe kukho esigabeni 243 somthetho ophawula ngezinto zemvelo ikhakhulukazi ezimweni zezezwe; nokuthi b ngalolo lwazi namabalazwe okumele asetshenziswe njengezinhlaka zokuphathwa kwemvelo ngokubhekisa isigaba 24 4i somthetho wezicelo zemvume yezemvelo noma ezithinta izindawo lapho kusebenza khona lolo hlaka.
Ukuhlinzekelwa kwale Ngxenye akunakufundwa njengokuqondisa ukuphazamisa amandla kaNgqongqoshe noma omphathi womnyango kahulumeni wesifunda ngokwesigaba 243 somthetho ukuqoqa ulwazi namabalazwe achaza ubunjalo bemvelo ezindaweni ezithile.
uNgqongqoshe noma umphathi womnyango kahulumeni wesifunda ngokuvumelana noNgqongqoshe angasungula uhlaka lokuphathwa kwemvelo yendawo.
i ngokwenza uhlaka olungakapheleli lutholakale ukuba luhlolwe ngumphakathi endaweni efinyelelekayo; kanye ii nangokumema abangaba nentshisekelo nabathintekayo ngokukhangisa kumaphephandaba endawo nangenye indlela efanele ukuhlola uhlaka olungakapheleli nokufakwa kwezethulo, iziphikiso kanye nokuphawula mayelana nalowo muntu noma ilungu lombuso; kanye c nokubuyekeza uhlaka olungaphelele ngokubhekwa kwanoma yiziphi izethulo, iziphikiso nokuphawula okutholakele.
g lusho uhlobo lwemisebenzi olungeze lwathandeka endaweni noma ezingxenyeni ezithile zendawo; nokuthi h lufake phakathi nanoma yiluphi udaba olunokubalwa.
Uma uNgqongqoshe noma umphathi womnyango kahulumeni wesifunda bevuma ngezichibiyelo noma kungabi ngazo uhlaka lokuphathwa kwemvelo olusungulwe ngokomthetho 70, uhlaka lokuphathwa kwemvelo kumele lubheke ekubhekweni kwezicelo zemvume yezemvelo noma indawo ethintwayo uhlaka olusebenza kuyo.
a ngokuvunywa kohlala lokuphathwa kwemvelo; kanye b nangokubeka indawo lapho uhlaka lokuphathwa kwemvelo lukhona ukuze lubhekwe ngumphakathi.
c nanoma yimuphi umsebenzi othile noma izinhlobo zomsebenzi, noma imisebenzi jikelele; kanye d nanoma yiluphi uhlelo oluphawulwe kule mithetho.
Ilungu lombuso elithunyiwe, ngokuthintana noNgqongqoshe, ngesaziso kuSomqulu kaHulumeni lingakhipha imihlahlandlela, okumele ihambisane nanoma yimiphi imihlahlandlela kazwelonke ekhishwe ngokomthetho 73, ngokusetshenziswa kwale mithetho, kufaka phakathi imihlahlandlela emayelana nodaba oluphawulwe ku 731b, c, d noma yinoma yiliphi udaba oluvel kungalindelwe, oluhambisana nemisebenzi lapho iulungu lombuso liyisiphathimandla esifanele.
Umphathi womnyango kahulumeni wesifunda ngesaziso kuSomqulu osemthethweni wesifunda angakhipha imihlahlandlela yesifunda mayelana nokusebenza kwale mithetho, kufaka phakathi imihlahlandlela emayelana nodaba oluphawulwe kumthetho 73(a), (b), (c) noma (d), ngokuhambisana nesicelo lapho Umphathi womnyango kahulumeni wesifunda kusiyiphathimandla esifanele.
Imihlahlandlela yesifunda ekhishwe ngokomtheshwana 1 kumele ihambisane nanoma iyiphi imihlahlandlela kazwelonke ekhishwe ngokomthetho 73.
Imihlahlandlela ekhishwe ngokomthetho 73 noma 74 ayibophezeli kodwa kumele ibhekwe lapho kulungiswa, kungeniswa, kuhlelwa noma kubhekwa yinoma yisiphi isicelo ngokwale mithetho.
Ngaphambi kokukhipha noma imiphi imihlahlandlela ngokomthetho 73 noma 74, uNgqongqoshe noma umphathi womnyango kahulumeni wesifunda kumele ashicilele imihlahlandlela ewuhlaka kuSomqulu ofanele ukuze umphakathi uphawule ngayo.
Isicelo noma isidluliselo ngokwale mithetho iyaphela uma ofake isicelo noma odlulisayo emva kokufaka isicelo noma isicelo singaphumeleli esikhathini esiyizinyanga eziyi-6 ukuhambisana nezidingo zale mithetho emayelana nokubhekwa kwesicelo noma isidluliselo.
a isicelo esisha siqukethe ulwazi olusha nolugcwele loungafakwanga ngaphambili kusiphathimandla esifanele; noma b kuphele iminyaka emithathu selokhu senqatshwa.
Uma isiphathimandla sicabanga ngokuzwakalayo ukuthi lowo ophethe imvume yezemvelo noma onikezwe ukukhishwa ngokomthetho ngokweSahluko 5 sale mithetho uphule noma wehlulekile ukuhambisana nomgomo wemvume noma yokukhishwa ngokomthetho, idiphathimandla singacela lowo muntu, ngokuba sibhale phansi, ukuba anikeze incazelo ngalezo zinsolo zokwephula noma zokungahambisani.
Uma isiphathimandla sicabanga ngokuzwakalayo ukuthi ukwephula noma ukungahambisani okusolwayo kudale, noma kungadala ingozi emvelweni, isiphathimandla singacela lowo othintekayo, ngokubjala, ukuba anikeze umbiko womphenyimabhuku ezemvelo mayelana nobungozi noma ubungozi obusolekayo emvelweni noma nganoma yiluphi udaba oluqondile olunganqunywa yisiphathimandla.
Incazelo kanye nombiko womphenyimabhuku wezemvelo ecelwe ngokomtheshwana 1 kumele ungeniswe ngefomu nangesikhathi esibekwe yisiphathimandla.
Isiphathimandla singadinga ukuba umunto njengokuphawula komtheshwana 1 ukuba aqoke umuntu ozimele ovunywe yisiphathimandla kuba enze umsebenzi wokuphenya amabhuku kwezemvelo.
Umuntu obalulwe kumtheshwana 1 ubhekana nazo zonke izindleko ezimayelana nokuphenywa kwamaabhuku ezemvelo, kufaka phakathi ukulungiswa kanye nokungeniswa kombiko wokuphenywa kwamabhuku.
a singakhetha umuntu ozimele ukuba enze uphenyo lwamabhuku; futhi b singafuna zonke izindleko kulowo muntu.
a yokungabi namakhono okufunda nokubhala; noma b yokukhubazeka; noma c yinoma yini okumbeka ethubeni elingelihle.
ephula noma ehluleka ukuhambisana nombandela okunikezelwe ngaphansi kwawo ukukhishwa ngokomthetho ngokweSahluko 5 sale mithetho noma eqhubeka ngomsebenzi lapho imvume yezemvelo ihoxiswe ngokomthetho 50 noma imiswe ngokomthetho 49.
Umuntu ubhekene ngokutholwa enecala ngokomtheshwana 1 nokuya ejele isikhathi esingadluli iminyaka emibili noma nokukhokha inhlawulo engadluli emalini ebekwe ngokokoMthetho wokuxegisa inhlawulo, 1991 Umthetho No. 101 ka 1991.
Noma yikuphi okwenziwa ngokomthetho wangaphambili okungabuye kwenziwe ngokwale mithetho kumele kuthathwe njengosekwenziwe ngokwale mithetho.
Noma iyiphi imvume enikezwe ngokwemithetho yangaphambili futhi ephoqelelwayo uma kusebenza le mithetho, kumele ithathwe njengemvume yezemvelo ekhishwe ngokwale mithetho.
Noma iyiphi imvume ekhishwe ngokulandela isicelo ngokomtheshwana 2 kumele ithathwe njengemvume ekhishwe ngokwale mithetho.
Imihlahlandlela evunywe nguNgqongqoshe noma umphathi womnyango kahulumeni wesifunda ngaphambi kokuqala ukusebenza kwale mithetho ngenhloso yokubheka ukwenziwa kwemithetho yangaphambili, kumele ngokuhambisana nomthetho kanye nale mithetho ithathwe njengemihlahlandlela kazwelonke noma yezifunda enkhishwe ngokweNgxenye 2 yeSahluko 8 sale mithetho.
Le mithetho ingabalwa njengeMithetho yoHlolo loMthelela wezeMvelo, 2006 futhi iqala ukusebenza ngosuku olunqunywe nguNgqongqoshe ngesaziso kusoMqulu kaHulumeni.
